Umaspala Idr Ndz Uhleli Neminyango Kahulumeni
Namhlanje mhlaka 4 kuOkthoba 2022: uMeya woMkhandlu uKhansela PS Msomi onguSihlalo we Local AIDS Council okuyisigungu esihlanganisa yonke iminyango kaHulumeni kanye nezinhlangano ezisemphakathini. Lesi sigungu sidingida kakhulu ngemibiko ephuma kwiminyango kahulumeni ekulweni sefiso sengculaza kanye nezinye izidingo zomphakathi. Lemibiko iveza lokhu okulandelayo:
1. Liselikhulu izinga lamantombazane akhulelwa esemancane
2. Abantwana abazalwa ngaphambi kwesikhathi (premature babies)
3. Liyehla izinga labafana abasokwayo.
4. Abantu abaningi abakaphumeli obala ngokuthi basebenzisa imishanguzo/ amaphilisi yokulwa nesifo sengculaza
6. Amantombazane agana esemancane
Umhangano uyaqhubeka