Dr Nkosazana Dlamini-zuma Municipality Idp Budget Roadshow
Isigaba 34 soMthetho Wezinhlelo Zomasipala sidinga ukuthi ama-IDP abuyekezwe unyaka nonyaka, Umasipala usebenza endaweni eshintsha njalo futhi i-IDP ibuyekezwa minyaka yonke ukuze kuqinisekiswe ukuthi ihambisana nezinguquko zakamuva. Inqubo yokubuyekeza ihlanganisa ukubamba iqhaza komphakathi, ukunikeza izakhamuzi ithuba lokugqamisa kanye nokubeka phambili izidingo zabo zentuthuko.
Ngenxa yalokhu okungenhla, namhlanje umasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma wenze umsebenzi wokuhlanganyela komphakathi eBulwer Community Service Centre ku-ward 10. uMeya Msomi ehambisana nesekela Meya lomkhandlu wesifunda I Harry Gwala uCllr Nosisa Jojozi, uSomlomo uCllr Sifiso Phoswa, Cllr Sikhumbuzo Mlibeni no Cllr Dladla.
uMeya uCllr PS Msomi wethule Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe lowezi-2022/2023 kanye nesabelozimali kwinhlangano yabahlali base Bulwer nase Donnybrook, usoseshini wamatekisi, usoseshini wamabhizinisi nabahwebi; ababambiqhaza banikezwe ithuba lokuxoxisana nokufuna ukucaciseleka lapho bengaqondi khona.
umhlangano olandelayo we-IDP Roadshow uzoba mhla ziyi-19 kuMfumfu wezi-2022 ehholo lomphakathi laseMpumlwana ngo-10h00 kuhlanganisa lezi zigceme ezilandelayo: 5,6,8,14 & 15