Imeya Ucllr Sindisiwe Msomi Ivule Ngokusemthethweni Amahholo Emphakathini Yasecabazi Nase-ndodeni
Umphakathi waseCabazi ngaphansi kuka-wadi 4 kanye nomphakathi waseNdodeni ngaphansi kuka-wadi 5 isizoqhuba imihlangano nemisebenzi yawo emahholo amasha asezingeni eliphezulu.
IMeya kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma Municipality uSindisiwe Msomi uvule ngokusemthethweni lezi zikhungo wazinikeza umphakathi ngoLwesithathu. iMeya ibihambhisana nesekela Meya uKholeka Hadebe kanye namakhansela wonke akhona emkhandlwini.
Ekhuluma nomphakathi ngesikhathi ivula iMeya iveze ukuthi umasipala usuyifakile imali yokwakha lezi zikhungo kodwa kusengumsebenzi womphakathi ukuqinisekisa ukuthi ziyabhekelelwa izizukulwane ezizayo. âKuyisenzo esizithobayo kanye nokuhlonishwa okukhulu ukuba yingxenye yalo mcimbi oyingqophamlando.
Inhloso yethu wukuthuthukisa imiphakathi, ngokuqinisekisa ukuthi iyakwazi ukufinyelela kuzo zonke izidingongqangi ezidingekayo emphakathini. Ukuvulwa kwehholo manje kuqinisekisa ukuthi umphakathi uthola indawo engasetshenziswa ukuze uhlomule, lapho kuzoba khona imicimbi nezingxoxo ezahlukene.
Ihholo elinefenisha ephelele lingahlalisa abantu abangu-250, Ihlanganisa isiteji, ikhishi, izindlu zangasese kanye namathangi amanzi.
Ukusebenza ngokubambisana sakha imiphakathi engcono.