Umasipala Idr Nkosazana Dlamini-zuma Uphothule Imihlangano Ye-idp

UMhlonishwa. IPhini leMeya kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma uCllr Kholeka Hadebe namuhla uphothule uhlelo lwentuthuko edidiyelwe kamasipala (IDP) Roadshows e-Underberg Community Hall, ephelezelwa nguSomlomo uCllr Sifiso Phoswa, uSotswebhu uCllr Vusi Mthembu, iLungu le-Exco Cllr Sikhumbuzo Mlibeni, Amakhansela kamasipala kanye nabaphathi bakamasipala, bekukhona namakhansela kaMasipala wesiFunda iHarry Gwala eholwa ngu Cllr Shazi.
 
Lolu suku lokugcina lwemihlangano belubandakanya u-ward 4, 3, 2 kanye no-1, Inhloso enkulu yalemihlangano bekuwukunquma izidingo zentuthuko zabahlali nabathintekayo. Amalungu omphakathi anikezwe inkundla yokuphakamisa zonke izinselelo abhekene nazo emiphakathini yawo.
 
IPhini leMeya livale uhlelo lwe-IDP lwezinsuku ezine ngokuzibophezela ekubhekaneni nokuxazulula izinselelo eziphakanyiswe imiphakathi ngokubambisana noMasipala wesiFunda kanye nohulumeni wesiFundazwe. Uqhube wathi bewu masipala bazokwenza konke okusemandleni ukunxenxa abatshali zimali ukuze umnotho ukhule kudaleke amathuba omsebenzi. Ukusebenza ngokubambisana ukwakha imiphakathi engcono.
css.php