Umsiki Wengqephu Wase Dr Nkosazana Dlamini-zuma Municipality Uhambhe Phambhili
Ngemuva Kokuhlabana Ngendondo yeThobisile Fashion Show eyayihlelwe i Dr Nkosazana Dlamini-Zuma Municipality ekuqaleni kwalonyaka, Uthabisile Mangcobo Mdladla ubese egqugquzeleka ukwenza okuningi futhi wakhula kwezengqephu.
Uhole umkhankaso wokunxenxa amavoti ngemuva kokuqokwa kwi Kwa Zulu Natal NAMUHLA awards, amalunga omphakathi aye ameseka ngokuvota ngobuningu bawo sikhuluma nje indondo ise ward 14 emjila location.
Uthabisile ufisa ukuthatha lelithuba adluluse amazwi okubonga kubo bonke ababambhe iqhaza ekuphumeleleni kwakhe, ikhkhulukazi umkhandlu I Dr Nkosazana Dlamini-Zuma Municipality ngokumeseka kakhulu.
Ikhansela lewadi uThandazani Mdladla oye walisukumela phezulu loludaba waxhasa nge zokuthutha ukuze abantu abeseka uThabisile bakwazi ukuyofikelela e Thekwini lapho ebekubanjelwe khona imiklomelo.
Kuzokhumbhuleka ukuthi nhomhlaka 6 ku-NHLABA 2022 umkhandlu i Dr Nkosazana Dlamini-Zuma Municipality yaxhasa ngosizo lomshini wokuthunga ku Thabisile, futhi lokhu kwenze umsebenzi wakhe waba lula.
‘Egameni labo bonke abathungi bezengqephu abangaphansi kwalomasipala wethu signs ukudlulisa amazwi okubonga nokucela ukuthi ungayeki ukusinikeza uxhaso nokuseseka kwimizamo yethu, impela siyabonga futhi sizokwenza konke okusemandleni wethu ukuze siphakamise ifilegi lase Dr Nkosazana Dlamini-Zuma Municipality’ Kubeka yena uThabisile.